Kunjalo! Ngenkathi uthenga izinto eziningi, yile nkathi uzokwazi ukukhuluma isikhathi eside! Zitholele isitolo esiseduze noma uthole imininingwane elandelayo ethe xaxa ngale phromoshini.
INDLELA YOKUTHOLA I-AIRTIME YAMAHHALA:
- Thenga noma yimiphi imikhiqizo ephawulwe ngokukhethekile.
- Inombolo yokurishaja izobe ibhaliwe ezansi nesiliphu sakho.
- Landela imiyalelo ebhalwe ezansi nesiliphu ukuze ufake i-airtime yakho yamahhala.
- Uma isamba sonke sifinyelela ku-R5, i-airtime yakho yamahhala izoqala ukusebenza (ngaphandle kwaku-Virgin Mobile naku-8ta, zona zisebenza uma sifinyelele ku-R10.
- I-airtime yamahhala uyifaka kuphela uma kungekho amasenti aseceleni (isibonelo. u-R6, u-R7, u-R8; hhayi u-R6.50, uR7.27 noma uR8.13). Amasenti asele eceleni azogcwaliselwa esibalweni esilandelayo se-airtime yakho yamahhala.
INGABE IKHONA IMIBUZO ONAYO?
Ingabe imayelana nani le phromoshini ye-airtime yamahhala?
U-Shoprite uxoxisane nabahlinzeki bakhe ngemititilizo ethe xaxa ukunikeza wena, mthengi wethu ohloniphekile, umhlomulo we-AIRTIME YAMAHHALA uma uthenga imikhiqizo yethu ekhethekile engaphakathi esitolo. Futhi ke, wena mthengi wethu, uzokwazi ukuzikhethela i-network oyidingayo.
Ingabe i-airtime iqala ukusebenza emva kwesikhathi esingakanani?
Ngokuvamile iqala emahoreni angu-48. Ngaphandle-ke uma kunenkinga nevawusha NOMA i-SIM card esefonini ingafinyeleleki. Isibonelo, uma umakhalekhukhwini ucinyiwe noma ibhethri kamakhalekhukhwini isiphelelwe futhi isidinga ukushajwa.
Ngiyifaka kanjani i-airtime yamahhala?
Kuzodingeka ushaye ikhodi yevawusha njengalokhu okulandelayo, isibonelo: *130*159*vouchercode#
Ukubambezeleka ukuthola i-airtime kungadalwa mhlawumbe yizinkinga zokuxhumana kwe-network noma uma umakhalekhukhwini womthengi ucinyiwe.
Asikho isidingo sokufaka i-airtime. Uma ibhalansi kungu-R5 noma ngaphezulu, iyazingenela yona ku-SIM card yomthengi.
Uma inani layo lingaphansi kuka-R5, lapho-ke izohlala ingasebenzi kuze kube lapho umthengi azothenga eminye imikhiqizo, inani lifinyelele ku-R5 noma ngaphezulu.
Ngilibheka kanjani inani le-airtime yami esasele?
Vele nje ushaye u-*130*159# Lapho ibhalansi ingaphansi kuka-R5.
Ingabe i-airtime yamahhala isebenza isikhathi esingakanani?
I-airtime izohlala isebenza izinsuku ezingu-90 bese emva kwalokho, noma ngabe yiliphi inani elisele lizophelelwa yisikhathi. Ikhodi yevawusha kufanele ifakwe ezinsukwini ezingu-90 ithengiwe.